Ukujengamazwi
umdludlungu wokudala incazamininingo yezinsiza zokwaziswa ezofakwa kwisizindamininingo sojengamazwi / From Wikipedia, the free encyclopedia
Kwinzululwazi yoKwaziswa noMtapolwazi, ukujengamazwi noma ukujenganisa kuwumdludlungu wokudala incazamininingo emelela imithombo yokwaziswa, efana nezincwadi, iziqoshwa zomsindo, imifanekiso enyakazayo, njll. Ukujenganisa kuhlinzeka ngemininingwane efana namagama wombhali, izihloko zezincwadi, namagama wezihloko ezichazisa izinsiza, imvama ngokudalwa kweziqoshwa zomchazamibhalo. Iziqoshwa zikhonza njengezibambeli zezinsizakusebenza zokwaziswa eziqoqongiwe. Kusuka eminyakeni ye-1970, lezi zincazaminimingo sezaba ngesimo esifundwa INguxa futhi zikhonjaniswe (indexed) ngokwaziswa kwamathuluzi wokuhosha, afana nezizindamininingo zimchazamibhalo noma iziqaqululi. Nakuba ngokuvamile umdludlungu wokujenganisa uveza umphumela wokukhiqizeka kwezijengamazwi zomtapowolwazi, ubuye ukhiqize nezinye izinhlobo zamathuluzi wokuvubukula emibhalo neziqongelelwa.
Ulawulo lomchazamibhalo luphana ngesiseko senjulalwazi sokujenganisa, ngokuchasisa imithetho echazisa ngezinsizakusebenza zokwaziswa ngokwanele, ukuze abasebenzisi bakwazi ukufumana futhi baqome insizakusebenza efanelekayo. Umjengimazwi ungumdwambu ophethe imidludlungu yencaziso, ukuhlaziya isihloko, umjinjo, nolawulo lwezibhalo zomtapowolwazi. Abajengimazwi bakhonza "njengesisekelo sayo yonke inkonzo yomtapowolwazi, ngokuba yibona abahlelemba ukwaziswa ngendlela ekwenza kufikeleleke".