Ukuphepha kwesicikizi
ukulondeka kwezinhlelo zesicikizi ekudalulweni, ukwebiwa nokulinyazwa kokwaziswa / From Wikipedia, the free encyclopedia
Ukuphepha kwesicikizi, ilondosicikizi, noma ukuphepha kwezezibhangqiwe, kuwukulondeka kwezinhlelo namaxhoxho wesicikizi ekuhlaseleni kwalabo abahlose okubi nokungaholela ekudalulweni okungagunyaziwe kokwaziswa, ukwebiwa, noma ukulimala kwezigcoyi, amahlelokusebenza, noma imininingo, kanye nokuthikamezeka noma ukunhlanhlatha kwezinkonzo ezihlinzekwayo.[1]
Lomkhakha ubalulekile ngenxa yokwanda kokwethembela ezinhlelweni zesicikizi, kuxhakaxholo,[2] nezivamiso zoxhoxho oluswelintambo ezifana ne-Bluetooth Kanye ne-Wi-fi. Futhi, ngenxa yokwanda kwezilekeleli ezintwesi, ezihlanganisa omabonakude, nomakhalipha, kanye nezilekeleli ezakha uXhakaxholo lwezinto. Ilondosicikizi lungenye lwezinselele ezinkulu zanamuhla, ngenxa yobunkimbinkimbi bezinhlelo zokwaziswa kanye nemiphakathi eziyisekayo. Ukulondeka kubaluleke kakhulu ezimisweni ezilawula izinhlelo ezinkulu ezinemithelela engokoqobo ethinta okuningi, kuhlanganisa ukwabiwa kwamandla wamazuba, ukuphepha kokhetho, nezezimali.[3][4]